Umthethosisekelo weRiphablikhi yaseNingizimu Afrika, Umthetho 8 ka-1996 uthi wonke umuntu unelungelo lokuthola ulwazi olugcinwe nguHulumeni kanye nanoma yiluphi ulwazi olugcinwe ngomunye umuntu oludingekayo ukuze asebenzise noma avikele nanoma yiliphi ilungelo lakhe nokuthi kufanele kushaywe umthetho kazwelonke ozofezekisa leli lungelo.
Umthetho wokuKhuthaza ukuTholakala koLwazi ka-2000 (uMthetho 2 ka-2000), ofezekisa leli lungelo uqale ukusebenza ngomhla ka-9 Mashi 2001. Inhlosongqangi yalo Mthetho ngukuphoqelela isiko lokungafihli nokubika ezikhungweni zomphakathi nomkhakha wangasese kanye nokukhuthaza umphakathi lapho abantu baseNingizimu Afrika bethola ulwazi olubasiza ukuba bakwazi ukusebenzisa amalungelo abo ngokugcwele.
Ngokwalo Mthetho, uMqondisi Jikelelele woMnyango wezaNgaphandle nguyena oyiSikhulu soLwazi salo Mnyango. UMqondisi Jikelele yena uqoka amaPhini eSikhulu soLwazi kulelo nalelo Gatsha lalo Mnyango.
Ihhovisi loMqondisi Jikelele yilona elizoba yisizinda sokwamukela izicelo zolwazi.
Inhloso yale ncwanjana ukwenza ukuthi amalungu omphakathi azejwayeze nezinqubo okufanele zilandelwe ukuze kutholakale imibhalo egcinwe uMnyango wezaNgaphandle.
Umbono woMnyango wezaNgaphandle, ukwakha izwekazi laseAfrika elinenqubekela phambili, ukuthula, intando yeningi , ukungabandlululi ngokwebala, ukubumbana kanye nokubamba iqhaza ekwakheni umhlaba onobulungiswa nokulingana.
UMnyango wezaNgaphandle uzinikele ekukhuthazeni inzuzo namagugu ezwe laseNingizimu Afrika, ukuvuselelwa kweAfrika kanye nokwakha umhlaba ongcono wabantu bonke.
Ukwakha nokulawula ubudlelwane beNingizimu Afrika namazwe omhlaba kanye nokukhuthaza izinhloso zenqubo mgomo yamanye amazwe.
Ukuqapha intuthuko yamazwe omhlaba nokwaluleka uhulumeni ngezinqubomgomo zamanye amazwe nezindaba zalapha ekhaya ezihambisana nazo.
Kungacelwa noma yiluphi ulwazi olubhaliwe lwagcinwa nguMnyango wezaNgaphandle.
gcwalisa ifomu enqunyiwe enguFomu A elikhishwe kuGazethi kaHulumeni engunombolo R187 yomhla ka-15 Febhruwari 2002 (bheka isheduli 2); kanye khokha imali enqunyiwe ebhalwe kusheduli 1 wale ncwanjana. Kodwa-ke lowo ofaka isicelo ofuna ukukhonjiswa imibhalo ephethe imininingwane yakhe qobo akudingekile ukuba akhokhe imali yokufaka isicelo.
Lo mfakisicelo kufanele akhombise ukuthi isicelo simayelana nemifanekiso yemibhalo egciniwe noma ufisa ukuzozibonela yena ngokwakhe imibhalo emahhovisi oMnyango wezaNgaphandle.
Ukutholakala kwalolu lwazi kuyothunyelwa kulowo Mfakisicelo ngendlela acele ukuba akhonjiswe ngayo, ngaphandle uma ngabe leyo ndlela eceliwe izothikameza ngokungamukelekile ukuqhutshwa komsebenzi nokusebenza koMnyango wezaNgaphandle noma ezolimaza noma emibhalo noma yephule ilungelo lombhalo.
Uma ngabe ngezizathu eziphathekayo, imibhalo ingeze yatholakala ngendlela ecelwe ngayo kodwa ngenye indlela, imali yokutholakala kwemibhalo iyobalwa ngokuhambisana nendlela umfakisicelo acele ukuba akhonjiswe ngayo.
Uma ngabe umfakisicelo engakwazi ukufunda nokubhala, noma ekhubazekile, angenza isicelo ngomlomo, uma kwenzeka lokhu iSikhulu soLwazi siyomgcwalisela ifomu bese simnikeza leyo fomu esigcwalisiwe.
Uma efisa ukwaziswa ngokuphumelela kwesicelo ngocingo noma ngenye indlela.
Isikhundla esisetshenzisiwe ukufaka isicelo, uma ngabe isicelo senzelwa omunye umuntu.
Umfakisicelo kufanele athumele isicelo sakhe esizindeni sokwamukelwa kwezicelo njengoba sikhonjisiwe ngenhla, sona esiyobe seseqhuba isicelo leso.
Ngemuva kokuba iSikhulu soLwazi sesithathe isinqumo ngesicelo, kufanele kwaziswe lowo ofake isicelo ngaleso sinqumo ngendlela anqume ukwaziswa ngayo.
Uma ngabe ngemuva kokulandela zonke izidingo zenqubo okukhulunywa ngazo esigabeni 4.
Uma ngabe umfakisicelo edlulisa isikhalo ngaphakathi, kufanele kugcwaliswe ifomu elinqunyiwe lokwedluliswa kwezikhalo elikhishwe ngeSaziso kuGazethi kaHulumeni engunombolo R187 yomhla ka-15 Febhruwari 2002.
Uma ngabe umfakiseclo enganelisiwe yisinqumo seSikhulu soLwazi okukhulunywa ngaso esigabeni 4.3.1 ngenhla, isikhalo singadluliselwa kuNgqongqoshe woMnyango wezaNgaphandle.
Umfakisicelo angakafa isicelo enkantolo uma ngabe engenelisiwe isinqumo sikaNgqongqoshe woMnyango wezaNgaphandle.
Bheka iSheduli 1.
NgokoMthetho, amarekhodi athile angatholakala ngaphandle kokufaka isicelo ngokoMthetho.
Le mibhalo ingatholakala kuwebhsayithi yoMnyango wezaNgaphandle kuleli kheli : www.dfa.gov.
UMnyango wezaNgaphandle ugcine ulwazi mayelana nalezi zihloko ezilandelayo okufanele lucelwe ngokusemthethweni ngokwesigaba 4.2.
Udumo, ibizo, izindondo nokunye.
Le Ncwajana iyovuselelwa ngokulandisa kwesigaba 14 soMthetho, okungenani ngezikhawu ezingangaphezulu konyaka.
Nakuwebhsayithi yesikhungo somphakathi, lapha kushiwo kuleli kheli: www.dfa.gov.
Imali yesicelo R 35.
noma ingxenye yalo 0.60 amasenti b Lelo nalelo khasi eligayiwe elibukhulu balo bungu-A4 noma ingxenye egcinwe kukhompyutha noma ngokwe-elekthronikhi noma ngesimo esifundekayo ngomshini 0.
d i isithombe esiqoshiwe esibonakalayo, ekhasini elingu -A4 ububanzi noma ingxenye yalo: R 22.
umfanekiso wesithombe esibonakalayo R60.
e i Ukuqoshwa komsindo, ikhasi elibubanzi bungu-A4 noma ingxenye yalo: R 12.
Umfanekiso womsindo oqoshiwe: R17.
Imali yokutholakala a Lowo nalowo mfanekiso ekhasini elibubanzi bungu A4 noma ingxenye yalo 0.
Ngokusagesi noma ngomshini ngesimo esifundekayo ekhasini elibubanzi balo bungu -A4 noma ingxenye yalo 0.
d i Isithombe esiqoshiwe esibonakalayo ekhasini elibubanzi balo bungu A4 noma ingxenye yalo : R 22.
Umfanekiso wesithombe esibonakalayo : R 60.
e i Ukuqoshwa komsindo ozwakalayo ekhasini elibubanzi balo bungu-A noma ingxenye yalo: R 12.
Umfanekiso womsindo oqoshiwe: R 17.
f Ukufuna imibhalo ukuze idalulwe, lelo nalelo hora noma ingxenye yehora, ngaphandle kwehora lokuqala elidingekayo ngokwanele kulolu cwaningo nokulungiselela R15.
Imali okuyiyona okuposwe ngayo ikhokhwa uma sekufanele kuposelwe umfakisicelo ikhophi yerekhodi.
Akukhokhwa mali uma yokwedluliswa isikhalo.
Imali yesicelo (uma ikhona):...
Idiphozi (uma ikhona) R...
Imali yokutholakala R...
B. Imininingwane yomuntu ofaka isicelo sokukhonjiswa amarekhodi a Imininingwane yomuntu ocela ukukhonjiswa amarekhodi kufanele ibhalwe lapha ngezansi.
b Nikeza ikheli noma inombolo yefeksi lapha eRiphablikhi lapho kuzothunyelwa khona ulwazi.
c Kufanele kuxhunyelwe ubufakazi besikhundla okucelwa ngaso uma ngabe kufanele.
Inombolo yefeksi Inombolo yocingo : i-e-mail:...
Le ngxenye ingagcwaliswa kuphela uma isicelo solwazi senziwa esikhundleni somunye umuntu.
Amagama aphelele nesibongo:...
D. Imininingwane yamarekhodi a Nikeza imininingwane egcwele yerekhodi okuecelwe ukuthi litholakale, kubandakanya nenombolo yereferensi uma uyazi ukuze irekhodi litholakale kalula.
b Uma ngabe isikhala esinikeziwe singenele, qhubeka nokubhala kwelinye ikhasi bese ulixhumela kuleli fomu.
E. Imali a Isicelo sokuthola irekhodi,, ngaphandle kwerekhodi equkethe imininingwane yalowo ofaka isicelo ngokwakhe , siyoqhutshwa kuphela ngemuva kokukhokhwa kwemali yesicelo.
b Uyokwaziswa ukuthi malini edingekayo okufanele ikhokhwe njengemali yesicelo..
c Imali ekhokhela ukuthola irekhodi incike endleleni okufunwa ngayo irekhodi kanye nesikhathi esikahle esidingekayo sokubheka nokulungisa irekhodi.
d Uma ukulungele ukuxolelwa ekukhokhweni kwemali, sicela usho iisizathu salokhu.
Isizathu sokuxolelwa ekukhokheni imali:...
Uma ngabe ngenxa yokukhubazela ungeke wakwazi ukufunda noma ukulalela irekhodi efomini elibalwe lapha ngezansi kusuka ku-1 kuya ku-4 , chaza indlela okhubazeke ngayo nokuthi irekhodi lidingeka likusiphi isimo.
a Isimo ofuna ngaso irekhodi siyoncika esimeni elitholakala ngaso.
b Ukutholakala ngesimo elicelwe ngaso kungenqatshwa ezimeni ezithile . Uma lokhu kwenzeka uyokwaziswa ukuthi irekhodi uzolniikezwa ngenye indlela.
c Imali ekhokhelwa ukutholakala kwerekhodi, iyonqunywa ngokulandela indlela irekhodi elicelwe ngayo.
Lokhu kubandakanya izithombe esithwetshuliwe, ama-slides, izithombe ezenziwe, imidwebo nokunye.
Uma ngabe ucele umfanekiso okhiqiziwe werekhodi (elingenhla) , ngabe ufisa ukuthi uposelwe umfanekiso?
Kukhokhwa imali yokuposwa.
Qaphela ukuthi uma ngabe irekhodi lingatholakali ngolimi oluqokile , uynikwa ngolimi elitholakala ngalo.
Yiluphi ulimi ofisa ukuthola ngalo irekhodi?
Uyobhalelwa waziswe ukuthi isicelo sakho sivunyiwe noma sichithiwe. Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela, uyacelwa ukuba usho indlela ofisa ukwaziswa ngayo unikeze nemininingwane ukuze kufezwe isicelo sakho.
Ufisa ukwaziswa kanjani ngesinqumo mayelana nesicelo sakho sokutholakala kwerekhodi?
QAPHELA: Umuntu odlulisa isikhalo ngaphakathi kungadingeka akhokhe imali yokudlulisa isikhalo.
Uma kudingeka ukuthi kukhokhwe imali yesikhalo, isinqumo singabanjwa kuze kukhokhwe imali yokudluliswa kwesikhalo.
B. Imininingwane yomfakisicelo/umuntu oseceleni odlulisa isikhalo a Imininingwane yomuntu odlulisa isikhalo kufanele ibhalwe lapha ngezansi.
b Kufanele kufakwe nobufakazi besikhundla okudluliswa ngalo isikhalo, uma sidingeka.
c Uma ngabe lowo odlulisa udaba kuwumutu oseceleni, kungesiye lo muntu obecele ulwazi ekuqaleni, imininingwane yomfakisicelo njengoba ichaziwe esigabeni C lapha ngezansi.
Amagama aphelele nesibongo : Inombolo kaMazisi:...
Ikheli: Inombolo yefeksi:...
Isikhundla okufakwa ngaso isicelo, uma isicelo sifakelwa omunye umuntu:...
Amagama aphelele nesibongo: Inombolo kamazisi :...
Ukuchithwa kwesicelo sokuthola ulwazi.
Isinqumo mayelana nemali emiswe ngokwesigaba 22 soMthetho.
Isinqumo mayelana nokwelulwa kwesikhathi okufanele kusentshenzwe ngaso isicelo okufanele sibhekwe ngokwesigaba 26 soMthetho.
Isinqumo ngokwesigaba 29 soMthetho sokuchithwa kwesicelo sokunikeza irekhodi ngendlela elicelwe ngayo ngumfakisicelo.
Isinqumo sokwamukela isicelo sokuthola ulwazi.
Uma ngabe indawo enikeziwe ingenele, uyanxuswa ukuba ubhale kwelinye ikhasi bese ulixhumela kuleli fomu . Kufanele usayine wonke amakhasi angezelelwe.
Uyobhalela waziswe ngesinqumo mayelana nokwedluliswa kwesikhalo ngaphakathi . Uma ufisa ukwaziswa ngenye indlela , uyanxuswa ukuba usho indlela ofisa ukwaziswa ngayo nemininingwane edingekayo ukuze kufezwe isicelo sakho.
Lesi sikhalo sitholakale ngomhla ka- (usuku) ngu (yisho isikhundla , igama nesibongo sesikhulu solwazi /iphini lesikhulu solwazi).
Isikhalo esiphelezela izizathu ukuze isikhulu solwazi noma iphini lesikhulu solwazi sikwazi ukuthatha isinqumo, uma kudingekile , kufanele siphelezelwe futhi imininingwane yanoma imuphi umuntu oseceleni okufanele kuthunyelwe kuye imibhalo yisikhulu solwazi/iphini lesikhulu solwazi ngomhla ka- (usuku) kusiphathimandla esifanele.
